Qala: Bayede We Ndabezitha
Ukuvuma: Zulu wayishintsha inkosi
O bayenza usheleni
Uyaliwa kathandwa ndawo
Oqalayo: Ndabezitha wonani kwenu
Ukuvuma: Izwe liyaphenduka
Uyaliwa kathandwa ndawo.
Nangeshishimezi Mbube
Oqalayo: Ngiyengwe ingonyama
Ukuvuma: Ngonyama yethu x2
Oqalayo: Ithambo lenyoka seliyohlabe limzondayo
Ukuvuma: Ngonyama yethu x2
Oqalayo: Alikaboni nje liyohlabe limzondayo
Ukuvuma: Ngonyama yethu x2
Nangeshishimezi mbube
Oqalayo: Uyamemezo okaNdaba uyinkosi yohlanga
Ukuvuma: Hha…..Hha uyinkosi yohlanga
Oqalayo: Uyinkosi yohlanga
Ukuvuma: Hha…hha uyinkosi yohlanga
Oqalayo: Wasibiza savuma uyinkosi
yohlanga Uyinkosi yamakhosi
Ukuvuma: Hha..hha uyinkosi yohlanga
Oqalayo:Yeka amabheshu ethu anxanye
Ukuvuma: Heshe
Oqalayo Amabheshu ethu anxanye
Ukuvuma: Uthi asixakazi zikhali zethu
Zemkhont’ inyamazane
Oqalayo: O sayigwaza yadlul’inyamazane
Ukuvuma: Heshe
Oqalayo: O sayigwaza yabaleka
(O sayigwaza ngomkhonto)
Ukuvuma: Uthi asixakazi zikhali zethu
zemkhont’ inyamazane.
Ukuqala: Wayihlaba wemka’nayo
Ukuvuma: Yith’ uZulu
Ukuqala: Wayihlaba wemkanayo
Ukuvuma: Usibikela amabhunu esiyengeni
x2
Ukuqala:Wenza kahle Malandela
Ukuvuma:Yith’Zulu
Ukuqala:Wenza kahle Mgwagwa weZulu
Ukuvuma: Usibikela amabhunu esiyengeni
Zibuyil’uKhethomthandayo
Isiziba esimnyama eNhlophenkulu
Qala: Izintombi zalapha awubhek’amabelazo
Vuma: Hhololo mama
Qala: Nangu Somandla
Vuma: Ashiya We Somandla x2
Qala: Asephelile amandla
Vuma: Uyangena uyangena
Uyangena lo mphakathi komkhulu
Qala: Ge-ge-ge
Vuma: Ayilale mqamelweni yiyo le ntombi
Qala: Isheshe yagana
Vuma: Ayilale mqamelweni yiyo le ntombi
Qala: Emqamelweni
Emqamelweni
Ayilemqamelweni yiyolentombi
Qala: Uhulumeni mama
Vuma: Sithi khuz’ uhulumeni
Qala: Uhulumeni uyaganga sohlolwa thina
Vuma: Sithi khuz’ uhulumeni
Qala: Iphalamende mama
Vuma: Sithi khuz’S iphalamende
Liyadakwa sohlolwa thina
Uhulumeni uyadlala ngathi
Qala: Uhulumeni uyadlala ngathi
Vuma: Uhulumeni uyadlala ngathi
Qala: Uthi asilale
Vuma: Uthi asilale sothola imali yeqolo
Uhulumeni uyadlala ngathi