Ubukhosi noMhlaba

Iyacija imikhonto ngodaba lwamatayitela

nguMANDLA ZULU

Kufufusa ukungaboni ngaso linye phakathi kweBhodi kanye neNdlu yaMakhosi ngodaba oluthinta umhlaba

 

UBUHOLI Bomdabu KwaZulu-Natal sebuphumele obala bachitha isiphakamiso seBhodi leNgonyama Trust (ITB) sokuba abantu basemakhaya banikezwe amatayitela obunikazi bezindawo abahlala kuzo. Lokhu kuhlaluke enkulumeni ekhethekile leli phephandaba elibe nayo noSihlalo weNdlu Yabaholi Bomdabu, iNkosi yesizwe saseMadungeni, uPhathekile Chiliza. Ngokuthola kwelaboHlanga aMakhosi aveze ukungenami kwawo ngalesi siphakamiso emhlanganweni obubanjwe mhla zingama-27 kuNtulikazi eThekwini. Lo mhlangano kuthiwa ububizwe yiBhodi ngenhloso ‘yokuchaza’ kabanzi ngalesi siphakamiso. Lapha kuthiwa aMakhosi aphakamise ukuba lumiswe lolu hlelo aphakamisa nokuthi azoya kokotha iSILO ngenhloso yokubeka uvo lwawo ngalolu daba.

INkosi uChiliza ebivutha ingabaselwe ikuqinisekisile ukuthi nembala aMakhosi kaweneme:  “Sincome ukuba  alumise lolu hlelo kuze kube abe-ITB basichazela kahle ngalesi siphakamiso ngoba nabo bebeshwashwada bengezwakali ukuthi baqondeni ngaso. Okwesibili sithe kungcono sibonane noNgangezwe Lakhe kuqala ukuze lesi siphakamiso sisidingide naye kuqala,” kusho iNkosi uChiliza.

UMdunge usigxekile lesi siphakamiso yathi kuqondwe ngaso ukuzobulala izinhlaka zoBukhosi nokunqinda amandla amakhosi okuyiwo abhekelele izintaba zeSILO.

“Umphakathi waKwaZulu-Natal unenkolelo yokuthi uBukhosi sebuthengise  ngawo ngoba okulandela lapha uzogcina  ukhokhiswa amarates njengase zindaweni zasemadolobheni. Ekugcineni lolu hlelo luzokwandisa izingane ezizohlala emigwaqeni ngoba abantu abaningi bazobe bengasenazindawo sezidliwe ngamabhange ngoba kade bebambise ngamatayitela ngesikhathi befuna imali.

“Okunye awukwazi ukunikeza umuntu itayitela lendawo ekubeni engaphansi koBukhosi. Kusho ukuthi lowo muntu ngeke esaphathwa yinkosi ngoba umhlaba kuzobe kungowakhe. Ngakho sifuna i-ITB isichazela kahle ukuthi silwane sini sona lesi abaqhamuka naso.” UMdunge ube eseluleka iBhodi ekuthini udaba lomhlaba aliqonde ukuthi luyohlala libucayi njalo:  “Phela lapha sikhuluma ngamakhaya lapho umuntu lapho enodedangendlale wendawo okubalwa amasimu namadlelo ezinkomo. Ngakho uma usuthi usezoba nobunikazi bendawo lokho kuzodala enkulu inkinga,” kuqhuba iNkosi uChiliza.

Okhulumela iNdlunkulu, uMntwana uThulani Zulu ebuzwa ngalolu daba uthe beyiNdlunkulu abakwazi ukuphawula ngalesi siphakamiso se-ITB sokunikezela ngamatayitela obunikazi bezindawo kubantu basemakhaya.

“Kulukhuni ukuphawula ngalolu daba ngoba kuseyisiphakamiso akukabi bikho sinqumo esesithathiwe ngaso. Empeleni udaba lwamatayitela kuseyinto esaxoxwayo, ngakho mina ngibona sengathi labo asebeqala ukuphawula ngaso bayaxhamazela. Abantu kumele balinde kuze kuzwakale incazelo ngaso ngaphambu kokuthi baphawule,” kusho uMntwana uZulu.

Khona lapho elaboHlanga lithole ukuphawula komunye waseNdlunkulu nokho  ongathandanga kudalulwe igama lakhe ngoba engagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba yena uthe ngokwakhe lesi siphakamiso kuhloswe ngaso ukuba kubuyiswe isithunzi sabantu basemakhaya.

“Ngicabanga ukuthi iphutha lenzeke ekutheni ingabekeki kahle emphakathini. Isizathu sokuba ingabe isabekeka kahle ukuthi besekuphuthunywa ngoba kuzanywa ukuba kuvinjwe izinkampani eseziqhamuke sezinamalayisense okuzoqalisa imisebenzi. Okutholakalayo ukuthi lezi zinkampani sezidle enkulu indawo yaKwaZulu,” kusho umthombo. Uqhube wathi uhlelo lwamatayitela luyindlela yokuthi kube nohlelo oluqondile lokusingatha umhlaba ongaphansi kweBhodi leNgonyama.

“Kumele kucace ukuthi ngala matayitela akusho ukuthi abantu sebezoba ngabanikazi bomhlaba phela umhlaba ungowoBukhosi, kodwa lena yindlela yokuthi usingathwe ngokohlelo oluqondile ukuze kuvinjwe ogalakajana asebeqhibukise okwamakhowa KwaZulu-Natal beqhamuka sebenamalayisense okuqalisa izimayini,” kuphetha umthombo.

Ukwesabela ikusasa elingaziwa

Ngokuthola kweBAYEDE aMakhosi amaningi anokwesabela ukuthi ukunikezwa kwabantu amatatiyela kungase kungagcini nje kuphela ngokufaka engcupheni umhlaba ongaphansi koBukhosi kepha athi nxa kungaqashelwe uhlelo lolu lungase luguqule indlela yokuphila ezindaweni zoBukhosi. Enye inkosi engathandanga ukuba igama layo livele ngoba yenqena ukuthi ukuphawula kwayo kungase kuhumusheke njengokuthi iqophisana neBhodi nokunyundela ozakwabo yathi inkinga isekundondeni kweBhodi ukubeka izinto obala kanjalo nokuba nhlakanhlaka kwaMakhosi.

“Inkinga esihlasele kuqala nje wukuthi nathi njengaMakhosi siqhelelene neBhodi elengamele lokho okuyimpilo kithi. Kanti futhi sehlukene phakathi genxa yepolitiki le eshisa phansi. Nalo iBhodi liyaphazama nxa kuzothiwa alenze umsebenzi wokwengamela nokusichazela bese lidembesela nje ekubeni kukhulunywa ngento eyinhliziyo yethu kanye noBukhosi.” Inkosi yesizwe iphethe ngokuvima ukuthi kokunye wuvalo lwalokho okungenzeka. “Cha iqiniso lithi kukhona nokwesaba kithi ekutheni uma abantu sebenamatayitela bazoqhubeka yini nokuhlonipha uBukhosi, ukuthi bazoqhubeka yini baqhubeke nokuhlonipha inqubo yendawo abakuwo. Wona lo mhlaba kuyobe kuseyiwo oweSILO, uba bengasa sihloniphi thina, sona bayobe besasihlonipha yini?  kuphetha iNkosi yesizwe.

Ibhodi liyaziphendulela

Libuzwa ngokukhathaza aMakhosi anakho odabeni lwamatayitela, iBhodi le-Ingonyama Trust ngomlomo waloyo oyiSikhulu Esiphezulu uDkt uFikiswa Madlopha lithe lesi kuseyisiqalo nje sokubonisana.  “Akukho osekunqunyiwe ukuthi lolu hlelo luzohamba kanjani. Umhlaba esikhuluma ngawo yilowo owenganyelwe yiBhodi le-Ingonyama Trust egameni leSILO kodwa obhekelelwe ngaMakhosi. Ukuxoxisana ngenhloso yokucobelelana ngolwazi ngohlelo lwamatayitela phakathi kweBhodi naMakhosi kuqale zingama-30 kuNhlangulana wezi-2016  nokuphinde kwaqhubeka mhla zingama-27 kuNtulikazi  wezi-2016,  kanti futhi ukubonisana  kusaqhubeka.”

UDkt uMadlopha uyakulandula ukuthi lolu hlelo lwamatayitela kuhloswe ngalo ukuba kube khona ukungqubuzana phakathi kwemiphakathi yasemakhaya naMakhosi.

“Kumanje Ingonyama Trust Board njengebhodi ebhekelele umhlaba we-Ingonyama Trust ibheka zonke izindlela okubalwa nezinto eziphakamiswe ngaMakhosi ngesikhathi kuhlangenwe nawo. Azikho izinhloso zokudala ukungqubuzana kodwa lokhu kuhloswe ngakho ukuvikela umhlaba ongaphansi kwe-Ingonyama Trust.”

Show More

Related Articles

Close