Umlando Wethu

Ukuhlonipha kwamaZulu kuyinkolo hhayi ukukholwa

nguSOLWAZI uJABULANI MAPHALALA

  • Ukungqubuzana kokwenza kwaboHlanga nokwenza kwabaseNtshonalanga kwashiya aboHlanga bencela izithupha
  • Inkolo yamaZulu nabo bonke abomdabu e-Afrika iyingxenye yenkolo yokuqala e-Afrika. Kungakafiki abacindezeli baseNtshonalanga nabama-Arab, amaZulu ayengayiphathi indaba yokuthi umuntu ukholiwe noma qha. Kwakukhulunywa ngegama elithi: ubuntu, okuligama elisho inkolo ngolimi lwesimanje uma singalifanisa namagama asho inkolo yaseNtshonalanga neyase-Asia.

    Wonke amaZulu anobuntu, aqotho, naneqiniso kwakungamaZulu esingathi ngolimi lwesimanje ayekholiwe. Owayekhuluma amanga wayebulawa. Ingqikithi yenkolo yamaZulu isuselwa ekutheni: umuntu ngumuntu ngabantu, okusho ukuthi kuphambene nobuntu ukuthi umuntu aziphilele yena yedwa noma nomndeni wakhe kuphela angabakhathaleli abanye abantu. Lokhu ukuthi umuntu ngumuntu ngabantu kuphinde kufakazelwe ukuthi uma umuntu ehlabe inkomo enze umsebenzi, inyama yaleyo nkomo akusiyona eyakhe kodwa abanikazi bayo ngabantu abayizimenywa emcimbini. Inhloko ngeyebandla, amadoda, kuthi impumulo, iphaphu nomkhono ube ngowabafana. Umhlubulo ngowabesifazane nezintombi. Abantu abahlinza inkomo baphinde bazisikele enye inyama okuthiwa ngamantshontsho abayosayo. Enye inyama isikelwa abantu abafike nezipheko. Ngakho-ke umnikazi wenkomo ugcina esale nenyama encane kakhulu okungamphathi kabi nomndeni wakhe ngoba kunesisho esithi: makudle izihambi kuqala thina basekhaya sizogcina. Noma singeze sadla lutho akunandaba.

    Ngokobuntu kudingeka kucatshangelwe abantu bokuhamba kuqala kunabasekhaya. Ngokwabelungu ngabasekhaya okudingeka bazicabangele bona kuqala kugcinwe ngabantu bezizwe. Yingakho-ke kwathi nxa kuhlangana abelungu kanye nezinye izizwe zase-Asia ezikholelwa ukuthi kudingeka kucatshangelwe abasekhaya kuqala kugcinwe ngabokuhamba, zazuza kakhulu kubantu boHlanga ababecabangela abezizwe kuqala. Lokhu kwenza ukuba abantu boHlanga bagcine bedla imbuya ngothi ngenxa yokusebenzisa ubuntu kubantu inkolo yabo eyayiphambene nabo.

    Kuphambene nobuntu ukuphila impilo yobulwane, owayephila leyo mpilo wayebizwa ngenswelaboya. Ubuntu busho imisebenzi emihle ephathekayo ekusizeni abanye abantu. Ubuntu abusho usizo olunikeza amathemba ezinto ezingaphathekiyo nolwenza izethembiso ezingafezeka noma zingafezeki kodwa busho okuphathekayo nokubonwa ngamehlo enyama okwenziwa ngumuntu komunye umuntu ohlwempu nososizini. Kuba yizinto ezibonwa ngamehlo.

    Uma umuntu enothile, ecebile, umcebo wakhe kudingeka awusebenzisele ukusiza abantu bakubo ngokubalobolela uma eganwa yisithembu. Kodwa abasebuhlwempini, ngokubasisela imfuyo yensikazi okungasukela esikhukhukazini senkukhu kuya enkomazini nangokubathekelisa uma ethole inala esivunweni sakhe abahlwempu befikile bazomvunisa. Lokhu kususelwa ekutheni uma omunye umuntu ehluphekile nawe uhluphekile ngoba uyingxenye yakho. Uma omunye umuntu efelwe, nawe ufelwe. Makasingathwe ngokudla nangalo lonke usizo lwendunduzo ngokukhala isililo nomndeni ohanjelwe ngoba kuxebuke inyama kuwo wonke umuntu ngokuhamba komuntu emhlabeni, okungasho ukuphela kwethemba ngoba kwaziwa ukuthi umuntu akafi kodwa useye kwabaphansi ohambeni lwangunaphakade akushiwo nanokuthi uyovuka. Kodwa useyogezwa ngoba ukhona uyingxenye yabaphansi.

    Uma umuntu ebusa enze umsebenzi nawe uyabusa msize ngezipheko ezinhlobonhlobo zokwenza ukuthi umsebenzi wokubusa ungamcindezeli ngoba kungumsebenzi wakho futhi. Uma elambile kufana nokuthi kulambe wena kudingeka umuphe ukudla okuyinto yokuqala umuntu kwaZulu ayebingelelwa ngayo elambile noma engalambile. Nawe kuyothi uma ulambile lowo owamupha ukudla naye akuphe ukudla ngoba izandla ziyagezana, imikhombe iyenanana. Ngakho-ke ukubingelelana sonke isikhathi kwakulandelwa ukubuza ukuthi: “Ninjani?” obuzwayo akhiphe yonke ingonyuluka mayelana nempilo: okwembulwa kwembeswa kubo osekubonwa ngokusa, kanye nabaphethwe ngumkhuhlane.

    Ngisho izinyanga zokwelapha ezazinosizo ekwelapheni izifo ezahlukene zazaziwa ngokuthi abantu balayelane kanjalo nazo izangoma ukuze wonke umuntu azosizakala. Ngenxa yabo ubuntu inyanga yayinikwa ugxa kuphela kuthi nxa isiguli sesiphilile inikwe inkomo yayo. Zonke izinyanga zakwaZulu zazisebenza kanjalo ngoba zazineqiniso ekwelapheni kwazo.
    Mayelana nomndeni, okusho zonke izihlobo zegazi ezibizwayo uma kuvele noma yiyiphi inkinga ekhaya. Ngakhoke impi yomndeni ayingenwa.

    Mayelana nokushayana kwabaganeneyo, ubuntu buyaxwayisa ukuthi noma ngabe konakele kangakanani kodwa umfazi noma abafazi abaganileyo abashaywa ngenduku ngoba induku ayiwakhi umuzi. Umfazi akaganile indoda yakhe kodwa uzokwakha umuzi walapho egane khona.

    – Lo mlando ucashunwe encwadini: Indlela Eya emendweni Nezihlabahlosile ZakwaZulu Nanamuhla. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

    Tags
    Show More

    Related Articles

    Close