Ubukhosi noMhlaba

UMnguni Omnyama ulila ngempatho enikezwa uZulu

Inkulumo yeSILO

 

Lena yinkulumo engumhlahlandlela yeSILO esayethula Ondini ngomhla zili-10 kuNhlangulana ngowe-2018

 

Unyaka wezi-2018 uqale njengonyaka wezilingo. Isizwe sonke sifunde ngokushaqeka umbiko ohlanganiswe yithimba ebeliholwa nguMnu uMotlanthe. Lo mbiko uqhamuke neziphakamiso ezishaqisayo nebekusobala ukuthi inhloso yazo wukuchukuluza uZulu. Mhlawumbe ngingakayi kude kuhle ngiqale ngikucacise ukuthi njengoBukhosi asinankinga nabantu abanombono ngoBukhosi kanye nalokhu okwenzeka kubo. Lelo yilungelo lanoma yimuphi umuntu ukuba abe nombono owehlukile ngathi nangosikompilo lwethu. Nathi njengoBukhosi nabantu abangamaZulu kuningi okusixakayo ngale nqubo esikuyo nokuyilungelo lethu.

Esinenkinga nakho yilabo bantu abazibiza ngosodemokhrasi abacabanga ukuthi yibo kuphela okumele babe nombono futhi owabo kumele wamukelwe ngenkani. Lokho ngeke sikuvume njengoZulu. Uma lokho bekujwayele emaqenjini abo nasezinhlakeni abakuzo. Cha lapha kwaZulu ngeke bakwenze ngoba ngeke sivume.  Thina esiyokwamukela wukuthi umuntu abe nombono ngathi bese evuma ukuthi siziphendulele nxa kunesidingo.

Kungalesi sizathu simangele yisenzo sikaMnu uMotlanthe nethimba lakhe. Akwejwayelekile ukuthi ithimba lifike lethule umbiko walo bese liqala ukwenaba ngezincomo zalo. Lokhu kwenzeke ngesikhathi uBukhosi baKwaZulu-Natal bucele ukuba uMotlanthe njengoSihlalo akeze emhlanganweni wangomhla zingama-25 kuMasingana wezi-2018 e-ICC eThekwini. Lesi simemo besinenhloso enhle yokunika uMotlanthe nethimba lakhe ithuba lokwenaba ngeziphakamiso nokuyinto emqoka.

Ngithi imqoka ngoba ngaphandle nje kwezincomo, ithimba leli libeke izinsolo ezishaqisayo ngoBukhosi ne-Ingonyama Trust. Lesi sakhiwo esimqoka sibekwe njengeqhingasu lombuso wobandlululo.

Sinaphazwa ngendle ngabantu abangasazi nabangazimisele ukusazi. Okuqhakanjiswayo yinzondo ebhekiswe kimi, nakuZulu.

UMthethosisekelo waseNingizimu Afrika uvikela ngisho umbulali owenze okwesabekayo ukuba athole ithuba lokuziphendulela. Ngakho kuyaxaka ukuthi uZulu engabulele muntu ngomhlaba wakhe bese enqanyulezwa ngezinsolo kuthi kusenjalo anqatshelwe ukuziphendulela. Incwadi eyathunyelwa yiPhalamende eyabe ichaza ukuthi uMotlanthe akatholakali yathi katholakali “ngoba umsebenzi wakhe usewuphethile”.

Lokhu iPhalamende lakusho ngoNhlolanja. Kuthe sisetshisa lokhu sabe sesimangala nxa esevumbuka emhlanganweni wokucobelelana ngolwazi we-African National Congress esekhuluma ngalo mbiko. Okunye okwasimangaza yizinhlamba ezabe zibhekiswe kithi nalapha ngaphandle kokunikwa ithuba lokuziphendulela.

UZulu namuhla eNingizimu Afrika uphathiswa okwemilanjwana engafunwa muntu. Sikhacwa ngabantu okwezinja ezidle amaqanda.  Umbuzo uthi senzeni kubani. Yini lena eminyakeni engama-24 yedemokhrasi esivulele inzondo engaka ebhekiswe kimi nakithi. Yini lena engiyenze kuHulumeni? Uma kuwukuthi impi ibhekiswe kimi siqu yini pho kudikwadikwe uZulu nesimiso soBukhosi bakhe?  Zenzeni izingane zami, wenzeni uZulu?

Ngikwenze konke ukuqinisekisa ukuthi kunokuthula kuleli lizwe. Ngikwenze konke ukuqinisekisa ukuthi uZulu uba yingxenye yezinguquko ezenzeka kuleli lizwe. Ngisebenze noHulumeni wesifundazwe ukuqinisekisa uzinzo nokuhlanganisa izinhlanga ezehlukene kuleli. Ngisebenze nabo bonke oMengameli kusuka kuMnu uMandela, uMbeki noZuma, umbuzo uthi yini le esihlukile?  Ngiguquke nini ngawumzondwa. UZulu uqale nini ukuba yiqaqa kulo Hulumeni?  Ngenzeni, senzeni kubani? Kungani sijeziselwa ukuba nomhlaba ophethwe ngesinono nangesimiso soBukhosi bethu?

Ingani nanka amaSulumane, amaHindu, amaJuda baphethe izinto zawo ngokulandela isikonkolo labo. Nali ibandla lamaRoma namanye bephethe izinto zabo belandela imigomo yenkolo yabo. Uma lokhu kuvunyelwa, yini thina sexwaywe? Akubona yini osodemokhrasi abathi uBukhosi buvikelekile ngokoMthethosisekelo?

Yini kumele sifane nabanye esingazi ukuthi yini benganikwa umhlaba ukuze baziphathele ngokosiko nabo njengathi? Yebo, ngithi zonke izizwe ezinoBukhosi azinikwe umhlaba ziwuphathe ngokoMthetho Wesintu bese kubukwa isithombe esihle lapha ku-Ingonyama Trust.

Izimpendulo kule mibuzo zimqoka ngoba yizo okumele zisivezele ukuthi ngabe sisafuneka yini kuleli lizwe. Asafuneka yini amasiko ethu kuleli lizwe noma sekumele sijeqeze? Kuthangi lokhu sizwe kuthiwa akuvalwe uMkhosi WoMhlanga, sezwa kuthiwa akuvalwe uSelwa olunosiko lwenkunzi, konke lokhu kushiya imibuzo ekutheni ngabe sisafuneka yini lapha kuleli gceke nezwe ledemokhrasi.

Sekwenzeke konke phambi kwenu Makhosi akudingi ngitolike kepha namuhla ithuba lokugcina ngilinika nina bazukulu bamaqhawe ukuba namuhla siphume nohlelo olwehlukile. Omunye uzothi lokhu kwehluke kanjani. Impendulo kulokho ilula.

  • Isinqumo sanamuhla sisisondeza kuvuthondaba njengoba sesenze okuningi ukuqinisekisa ukuthi lolu daba luhamba ngomgudu womthetho. Ngiyazi ekuseni namuhla nibikelwe ngohlelo oluzolandelwa uma kumele kuyiwe enkantolo. Sesimi ngomumo Zulu kulokhu.
  • Isinqumo sanamuhla sisiyisa ngqo kuZulu wonkana. Lapha uma ngikhuluma ngoZulu wonkana ngikhuluma ngawo wonke umuntu ohlala endaweni yoBukhosi noma ngabe unebala elinjani ngoba akubona kuphela aboHlanga abahlala noma abakhonze ezindaweni ezingaphansi kwe-Ingonyama Trust. Lapha-ke Makhosi ngikhuluma ngembizo yesizwe sonke.
  • Izolo ngibeke umlando wowe-1982 lapho uHulumeni woBandlululo wawuzama ukuqhatha izizwe zaboHlanga ngokuthi uthathe ingxenye ethize yomhlaba kaZulu. Ngafuna ukubona uMengameli wezwe nembala engagcina ngimbonile lwaphela udaba.  Nakulokhu Zulu anginankinga ukubona uMengameli okhona uMnu uRamaphosa ukuze kungalokhu kuzungezwa. Lo mhlangano kumele ubuke isidingo salo mhlangano kanye namalungiselelo ahlangene nawo.
  • Okunye, lo mhlangano okumele unqume ngakho, wudaba lokuxhumana phakathi koBukhosi nesizwe. Ngizwile ukuthi uMnu uMtaka uwenzile umbiko ngezokuxhumana. Ukwengeza kulokho ngimjube ukuthi kuhlanganiswe uhlelo lwesiteshi sokusakaza okuzoba okwamanje umsakazo ozotholakala ku-inthanethi. Ngiyoke ngizwe-ke lapha ukuthi ubani oyothi ngenza iphutha. Khona lapho ngijube ukuthi i-1 KZNTV kanye neBAYEDE okwamanje kube yibo abazokhipha imiyalezo yamasonto onke evela eSigodlweni okuyinhlabamkhosi ebhekiswe esizweni. Sizoxoxa namanye amaphephandaba esiZulu nawomphakathi ukuze nawo abe yingxenye yalokhu.
  • Okunye, yilo mhlangano ozonquma udaba lwezigijimi engizozithuma kubo bonke abaholi benkolo, amabhizinisi, abalimi nezingwevu lapha kweleNdlovukazi. Izigijimi lezi zizobe zihambisa umbiko walo mhlangano kanye nalokho okuzokwenzeka ukuya phambili. Lokhu kumqoka njengengxenye yokwandisa ukuxhumana nokuqonda ngempi esibhekene nayo.
Show More

Related Articles

Close