UBukhosi BoHlanga

UShenge ube nemfu yizilokotho zeSILO

ONGANGEZWE LAKHE

 

Inkulumo Yomdala eMcimbini wokubungaza iminyaka engama-90 yokuzalwa koMntwana wakwaPhindangene, oNdini mhla zingama-27 kuNcwaba ngowezi-2018

 

UMuzi wakwaPhindangene owengamele lo msebenzi esikuwo namuhla; imizi yonke yaseNdlunkulu ekhona phakathi kwethu; aMakhosi ezizwe akhona phakathi kwethu nezinhlaka zonke zoBukhosi; amaBandla avela kuwo wonke amahlelo; Zulu ondlela zimhlophe.

Namuhla uma ngiqala nje inkulumo yami ngiyafisa ukugcizelela amagama engawasho enkonzweni yokubonga uMdali ngeminyaka aseyiphe uMntwana phakathi kwethu. La mazwi ngiyaqinisa kuwo ngoba amqoka ukuthi isizwe nomhlaba baphinde bawezwe.

Njengohleli eSihlalweni esafungelwa ngoyihlo endulo ngiyaphinda ngithi asikho isidingo sokuthi uMntwana ede engcengelwa kumuntu noma kubantu  ngomlando wakhe omuhle phakathi kwethu. Ngaphandle nje kokuthi imisebenzi yakhe iyazisho kubandakanya nakwenzela uBukhosi kanye nale ndawo esikuyo yasoLundi namaphethelo. Uma ungakwazi lokho buza abantu bazokutshela kanti nathi singakufundisa lo mlando ongenachashaza. Okuningi ukwenze ngesikhathi sokubusa kwami ngakho angidingi kuxoxelwa ngakho ngiyakwazi futhi ngiwufakazi kukho.

UMntwana uyingqothovu yomholi esiziqhenyayo ngaye thina bakwabo. Kulabo  bangaphandle nasebesho khona ukuthi bamazi ukwedlula thina siyabeluleka ukuthi leli yithambo lakwethu esiziqhenyayo ngalo. Yebo njengakuyo yonke imindeni kungenzeka kube namathizethize kepha sithi nawo ngawakwethu. Ubukhona bamathizethize  akusho ukuthi akuseyena owakwethu noma thina asibona abakwabo. Futhi akukuniki igunya lokukhuluma wonke amagama lapha aluhlevane niwabhekise kuye nomndeni wakhe.

Zulu

Namuhla sisemlenzeni wesibili wochungechunge lokubonga uMdali ngalokhu engikubiza ngoMusa wakhe ekusigcineleni nali ithambo lakwethu. Kepha sibongani? Ekuphenduleni lo mbuzo ngike ngakhuleka ngokujulile ngenhloso yokuthola noma ngithi ukuqonda lokho uNkulunkulu akusho kimi, kuwe nakuZulu ngale minyaka asiphe yona eyedlula obaba.

Lona kimi bekuwumkhuleko omqoka ngoba kuwo benginethemba lokuthola lokho okungumongo wokungezelwa kwethu ngeminyaka ize ibe engama-70 kanye nengama-90. Konke lokhu kwenzeka emuva kweminyaka engama-50 kwahamba esimthanda ngokufanayo,  iNgonyama engizalayo umza wakho uBhusha. Lokhu nje kukodwa Mageba, muzi wakwethu nani Zulu kujulile.

Empendulweni engiyitholile ngiboniswe isithombe esikuqoqe konke kwakhanya kwathi bha.  Ngibone uZulu njengomuzi owakhiwe endaweni okuthiwa yiNingizimu Afrika. Lo muzi kaZulu uzungezwe ngeminye imizi yezinye izizwe. Kepha kukhona okwehlukile ngalo Muzi kaZulu.

Yonke eminye ezungezile kayikhanyi, kumnyama kuyo ngaphandle nangaphakathi. Okhanyayo yilona kaZulu. Kulena eminye imizi kunezinkinga ezahlukene ngaphandle nje kokuthi akukhanyi. Kule mizi kawekho amadoda nabesifazane asebekhulile nabamela lokho okuwumongo wale mizi. Kukwampunzi edle emini zonke kazingeni ngesango kepha ziyafohla.

Ngakolunye uhlangothi Mageba nanku ngiyawubona uMuzi kaZulu , kuwo kuyakhanya kufudumele. Unezibani ezimbili ezenza kukhanye. Kulo muzi kunomthetho, akhona amadoda namakhosikazi ahlalele ukwelusa ukugcinwa nokwenziwa kwamasiko akulo loMuzi kaZulu.

Lesi sithombe engininika sona senza impendulo noma ukuqonda uMusa uMdali awenzele uZulu ngokumisa lezi zibani ezimbili esinye esineminyaka engama-70 kanye naleso esineminyaka engama-90. Kwenze futhi ngaqonda ubumqoka bokuthi lezi zibani zombili zihlale zikhanyise uMuzi kaZulu zingadungwa noma zicishwe yizivunguvungu  ezikhona ezinye eziphehlwa ngabomu.

UZulu yisizwe esesidlule kokuningi. Mageba okhokho bethu bajeziswa kanzima ngokuhola lesi sizwe kusuka  ekuvikeleni umhlaba kubahlaseli, ukubhujiswa ngomlilo kweziGodlo ngabafo, nasekudungweni ngoHulumeni bamaKoloni nalowo wobandlululo.

Angingabazi ukuthi nakulo Hulumeni wedemokhrasi bakhona abanezinhloso zokuyihlukanisa phakathi iNdlunkulu noZulu baphinde bapheke elokuhlukanisa phakathi iNdlunkulu iyodwa.

Ngiselapho ngiyafisa ukukhuluma ngezinye izivunguvungu engikholwayo ukuthi zenziwa ngamabomu ukuze uMuzi kaZulu nawo ufane neminye esengiyibalulile nosekwaqedwa ngayo. Udaba lomhlaba yisivunguvungu esiphekwe ngabomu ukusihlukanisa phakathi. Lokhu kunezinhloso ezimbi zokwenza uZulu izinxibi ezweni loyisemkhulu, zokwenza uBukhosi bukaZulu bube yinto engekho.

Kulabo abenze lokhu kungcola inhloso yinye nje vo; wukuthena uZulu. Owenza lokhu akaguli ngengqondo kepha ukuqonda kahle ukuthi uma kunemizamo yokuthena uZulu kusho ukuthini kimi nakuwe Mageba. Labo bantu abahlela lokhu emakhosombeni bazi kahle ukuthi uma nje sisekulo mhlaba wabaphilayo siyolwa kuze kube sekugcineni naleyo mizamo yokuthena uZulu. Njengoba ngishilo lena yimizamo yokucisha isibani sikaZulu ukuze ufane neminye imizi.

Esinye isivunguvungu yileso sokuqeda isithunzi soBukhosi ngokuthi kuxovwe izinhlaka zoBukhosi. Isibonelo nje kukhona ukuxova okumangalisayo okwenzeka ezizweni eziningi lapho uHulumeni engene wathi shi ezindabeni zemindeni ngaphandle kokuxhumana nami noma neNdlunkulu. Lokhu ngokungangabazisi njengalokhu okwenziwa yizigilamkhuba kwelomhlaba, kuhlose ukucisha isibani kuZulu ngoba lokhu abakuxovayo zinsika zoBukhosi bukaZulu. Isivunguvungu sokugcina engifisa ukusibalula namuhla yileso esibhekiswe emasikweni ethu. Impi iphumile ukuzama ukuqeda ngamasiko ethu. Yize abafo besahluleka iqinisio lithi iyahloma , futhi ihlomela thina ngakho belu ukuthi kuthiwa nakithi asicime isibani. Lezi zivunguvungu engizibalulile ngokuncane nje kokukhulu okuhlelwayo nosekuqalile.

Kulabo abahlela lezi zivinguvungu

Ngithumela lo mlayezo othi; ‘NjengeNdlunkulu kaZulu ngeke sihlale phansi sinibuke nibhidliza lokho okwakhiwa ngokhokho endulo. Mina noNdunankulu kaZulu noZulu ngeke sinivumele nenze njalo ngesethu isikhathi. Siyawabona amaqhinga enu okusixova nokuyinto engeke iphumelele uma mina ohleli eSihlaweni esekhona. Futhi angingabazi ukuthi lokho ngeke kwenzeke uma uMntwana onguNdunankulu kaZulu esephakathi kwethu’.

Imbizo esaba nayo kule nkundla yabe iwubufakazi bokuthi uZulu ngeke uvume ukuthenwa yinoma ngubani. Yikho kungekudala uMntwana njengoNdunankulu kaZulu amemezele umlenze wesibili weMbizo kaZulu esikhathini esingaphansi kwenyanga kusuka namuhla.

Khona lapho ngimema zonke izintombi eziza eNyokeni kulo nyaka njengengxenye yoMkhosi WoMhlanga ukuba zizilungiselele ukuthi nazo njengoba abazali bazo benza lapha Ondini ngosuku lweMbizo kaZulu zizonikwa ithuba lokuphawula odabeni lomhlaba. Lokhu kumqoka ngoba yizo izintombi lezi ezizoba ngabafazi nomama bakusasa ngakho asikwazi ukuzishiya ngaphandle uma kukhulunywa ngomhlaba oyifa nekusasa lazo. Nalapha izinhlelo zalokhu zizomenyezelwa maduze kepha ngiyafisa aMakhosi ezizwe nabaholi bomphakathi baqinisekise ukuthi izintombi ziyafika eNyokeni ukuze ilaka lazo lizwakale.

Sengiphetha

Mageba isizwe siyakudinga, uBukhosi buyakudinga ngalesi sikhathi esimqoka kangaka emlandweni kaZulu. Ubukhona bakho phakathi kwethu kulekelela ekuqhubekeni nokukhanyisa uMuzi kaZulu. Siswele amazwi okumbonga Ongabonwayo ngoMusa wokusenza sizalwe futhi siphile ngesakho isikhathi. Sibonga iZinyandezulu ngokukusondeza ngokozalo nangokwesikhundla eSihlalweni osusivukele iminyaka yonke selokhu ngakwazi. Ukubonga esingakunika Ongabonwayo neZinyandezulu ngawe ukuba sonke sizinikele ekuvikeleni lokho okhokho bethu abakumelayo, bakuvikela okuwumhlaba, amasiko noBukhosi.

Ngiyabonga.

Show More

Related Articles

Check Also

Close
Close