Izindaba

Usola izinduna ugogo odlelwe isiza esinamathuna

nguNOKULUNGA NGOBESE

 

NAKUBA iNingizimu Afrika inomlando ongemuhle ngemithetho eyayicindezela abesifazane ezindabeni ezithinta ukwabiwa komhlaba njengemithetho yesintu kodwa kubonakala neminye mithetho enjengeCommunal Land Rights Act (CLRA) okwakumele itakule abantu ezindaweni zasemakhaya kulolu sizi ingabasizanga kakhulu njengoba isimo sisafana kwezinye izindawo kuyinamuhla.

Noma sekuphele iminyaka engama-25 yenkululeko isililo sisesikhulu kwabesifazane ngokungabikhona kobulungiswa odabeni lomhlaba. Omunye okulesi simo uNkk uGertie Mpulo waseSweetwaters eMgungundlovu oneminyaka yobudala engama-89. Le ntombendala iyathuthumela uma ikhuluma ngendaba yokudayiswa kwesiza sayo  esinamathuna omndeni ngaphandle kwemvume.

UNkk Mpulo ekhuluma neBAYEDE uthe  usola izinduna zendawo ngalo mkhonyovu njengoba kuyizona ezijutshwa iNkosi ukuhlalisa abantu. Uthe lo sekuwumkhonyovu weminyaka obekulokhu kukhulunyelwa phansi ngawo ngenxa yokuthi abantu abaningi bayesaba ukuphumela obala.

Eqhuba uthe nakuba kungakhokhwa mali etheni uma ufuna ukwakha ezindaweni zaMakhosi, ngaphandle kokukhonza eNkosini yaleso sigodi ngemali engevile kwinkulungwane, kumthusile uma efica isiza sakhe esinamathuna omndeni sesibiywe ngocingo ngoba kuthiwa kukhona umuntu osesithenge ngemali eyizi-R10 000.

Uthi  sekuze kwaguga isicathulo ezama ukulungisa lolu daba, okuthi njalo uma sekufanele ayolwethula eMkhandlwini weNkosi uNsikayezwe Zondi avinjwe yizona izinduna zimtshele ukuthi iNkosi ayikho, akobuye abuye. Ugogo uMpulo uthe ngaphandle kwezifo ezijwayelekile eziphatha abantu abadala njengoshukela, umfutho wegazi ophezulu, useze wangenwa nawukhwantalala njengoba eseshaywe isifo sohlangothi siphindelela ngoba ecabanga ngamathuna omndeni azosuswa.

Echaza uthe ufike kule ndawo ngeminyaka yowe-1960 kusaphila iNkosi uTetelegu, okuthe emuva kweminyakana ehlala lapha nomyeni wakhe, bacelwa ukuba bayokwakha kwenye indawo njengoba lapho ababehlala khona kwakuzokwakhiwa iphaleka lezinkomo.

Uthi nembala basuka, bayokwakhwa kwaGandaganda, ababuye nakhona basuswa ngoba babakhe endaweni okwathiwa kumele kuxhunywe kuyo umgwaqo. Ekhuluma ngokukhathazeka uthe basuka lapho  beyokwakha eMasimini okuyimanje basahlala khona.

Uqhube wathi eminyakeni eyishumi edlule, iNkosi iphinde yamemezela ukuthi abantu sebengabuyela emanxiweni abo amadala, yena wangakuthathela phezulu lokho ngoba  indawo wayeyibekele abazukulu bakhe.

“Lo  msebenzi wokwabiwa kwezindawo iNkosi yawunika izinduna ukuba ziwenze, okungithusile ukubona isiza sami sesibiyelwe ngocingo, kwagencwa nezihlahla ngoba indawo uma ingahlali muntu iba yihlathi. Ngithuke kwaphela nasozwaneni uma ngifika ngithola ukuthi le ndawo isibiyiwe, kanti kunentombazane ethi  iyithenge ezinduneni. Okungikhathaza kakhulu yila mathuna agcwele ibala njengoba besiwumndeni omkhulu,” kusho uNkk uMpulo.

Uthe ukususwa kwamathuna kuzobe kuwukucisha umlando womndeni, noma ngabe bagcina bevumelene ukuthi awasuswa kodwa angeke kusaba kuhle ngoba awukho umndeni ongafisa ukuhlala egcekeni elinamathuna angewona awawo.

“Sinamasiko ethu esintu okuye kufanele siwenze njalo. Kuzoba lukhuni satshe ukuyokhuluma nabakithi abalele emzini womuntu,” kugcizelela ugogo.

Uthi  emasontweni amabili edlule uphinde wazama ukuyobona iNkosi komkhulu, lapho ephinde wavinjwa khona, watshelwa ukuthi udaba lwakhe lusalungiswa. Indodakazi yakhe uNksz uGcina Mpulo uthe le nkinga ayibhekene nomndeni wakhe kuphela, kodwa baningi nabanye abesaba ukukhuluma ngenxa yezizathu zokuphepha kwabo.

Uthe indaba  efike ibe yinkinga ukuthi ekudayiseni kwabo leziza, bathatha imali baphinde badayisele omunye umuntu isiza esisodwa. Nazo leziza bazidayisa ngemali engalingani, njengoba kokunye bekukala ngamehlo, bese besho imali abazokubiza yona. UNks uMpulo uthe okubuhlungu ukuthi abakholwa ukuthi iNkosi iyazi ngalolu daba njengoba isimo sayo sempilo singesihle, kokuningi isithumela zona izinduna.

“Njengabantu basemakhaya siyahlonipha kakhulu, asikwazi ukubika lo mkhonyovu emaphoyiseni, njengoba konke kufanele kuqalwe kubikwe phambi koMkhandlu weNkosi. Uma kwenzeka ugogo eshona namhlanje, uyofa engenakho ukuthula emoyeni ngoba indlela lolu daba oselumxakanise ngayo, uze aluphuphe nasebusuku.”

Ukubangwa komhlaba kule ndawo akuyona into entsha njengoba ngonyaka wezi-2014 amalungu omndeni wakwaZondi avela enkantolo emuva kokuba ebambene ngezihluthu nezinduna. Izinduna zazisolwa ngokunika isiza owayeyiSekela likaSomlomo weSishayamthetho uDkt uMeshack Radebe. Ngonyaka wezi-2015 kuphinde kwavela owesilisa owayekhala ngokukhokha imali eyizi-R20 000 ukuze athole isiza, okwaphetha ngokuba induna ibuyise ingxenye yayo njengoba kungayanga ngamagama enkehli.

Ngokwesikhungo esicwaninga ngezomhlaba iLand & Accountability Research Centre (LARC), awukho umthetho okhona ukuvikela abantu abakhe ezindaweni zasemakhaya njengoba iNkantolo yoMthethosisekelo yawuthola ungekho emthethweni ngonyaka wezi-2010 lo mthetho.

Lo mthetho okwakuhloswe ngawo ukuba kusizakale abantu abakhe ezindaweni zasemakhaya watholakala ungekho emthethweni ngenxa yokuthi amandla amaningi wawusawanika aMakhosi okwenza abantu bavaleleke ngaphandle ekuthatheni izinqumo.

Waphinde watholakala ungekho emthethweni ngenxa yokuthi akuzange kubekhona ukuxoxisana okuvulelekile neziShayamthetho zezifundazwe ukuzwa izimvo zazo. Kuze kwashaya isikhathi sokuloba ukuphawula kweNkosi uZondi kungatholakali.

Ithintwa ngalolu daba iNkosi uZondi ithe: “Kuyicala elibovu ukudayisa ezabelweni. Ugogo ngiyacela ukuba afike komkhulu ukuze axhumane nomabhalane wami, oyobe esemnika usuku ukuthi sibonane nini. Kuyangikhathaza uma ngizwa izinsolo ezifana nalezi, ngakho ngiyanxusa ukuthi bonke abanenkinga efanayo, beze ngaphambili ukuze kuthathwe izinyathelo ezifanele uma lezinduna zitholakala zisephutheni.”

Show More

Related Articles

Leave a Reply

Close